No edit permissions for isiZulu

Isahluko 5

Ukudla Ngakhezolunye No-Kṛṣṇa

Kulula ukushiya into endala uma umuntu ethola engcono kunayo. Sifuna ukuzijabulisa kodwa amaphika-siqu asedale isimo esenza ukuthi sithembele ebumnandini bezwe. Ukujabula kwethu kumele kuxhume kuNkulunkulu (puruṣaḥ sa paraḥ), esinganoku-kwazi ukubonana Naye ubuso nobuso. Ezulwini siyakwazi ukuxoxa noNkulunkulu bukhoma, sidlale Naye, sidle kanye Naye njalo njalo. Konke lokhu ungakuzuza nge bhaktya okuyinkonzo yokunikela ngemisebenzi yothando. Kodwa-ke le misebenzi yakho kumele kube engaxutshiwe, lokho kusho ukuthi kumele simkhonze kodwa singalindeli ukuzuza ngalokho, singalindeli nkokhelo ngalokho. Ukuthanda uNkulunkulu ngoba ufuna ukuba munye Naye nilingane nalokho kusengenye yezindlela zokuxuba.

Okunye okwenza umehluko omkhulu phakathi kweZulu nomhlaba ukuthi eZulwini oyinhloko khona akana-mbangi futhi emhlabeni ngamunye, kuyo yonke imihlaba yeZulu lowo oyiNhloko ngaphakathi kwayo, usuke eyisandiso/ukunwebeka (expansion) sika-Kṛṣṇa. INkosi eyiNhloko yeZulu kanye neZandiso/nokunwebeka zayo eziningi-ningi ibusa phezu kwayo yonke imihlaba yase-Vaikuṇṭha. Kulomhlaba esiphila kuwo kunombango wokuthi ubani ozophatha abe ngumongameli noma undunankulu, kodwa eZulwini bonke bavumelana ngazwi linye ukuthi uNkulunkulu uyiNkosi, akanambangi. Labo abangavumelani nalokho abakuphikisayo bayathuthwa babekwe emhlabeni, ofana ncamashi nejele. Njengoba wonke amadolobha amakhulu enamajele kodwa lawomajele kulawomadolobha athatha indawo encane kabi yedolobha lonke, ngokunjalo nalomhlabakazi uyijele kulabo ababoshelwe kuwo. Nawo futhi lomhlaba uthatha indawo encane kabi yeZulu akusiko ukuthi ubekwe ngaphandle kweZulu, ungaphakathi, ngokufanayo nejele eliba ngaphakathi kwedolobha kodwa lithatha encane indawo.

Bonke abahlali basemihlabeni yase-Vaikuṇṭha, eZulwini bangaba-khululekile, ababoshelwe enyameni. I-Śrīmad-Bhāgavatam iyasichazela ukuthi bonke banemizimba efana ncamashi nekaNkulunkulu. Kweminye yalemihlaba uNkulunkulu uvela kuyo enezingalo ezimbili kanti kweminye enezingalo ezine. Kuya ngesimo sakulowo mhlaba. Nabahlali kulemihlaba nabo bavela benezingalo ngambili noma nga zine, kuthiwa uma ubabuka kuba nzima ukuhlukanisa phakathi kwabo noNkulunkulu. Ezulwini kunezinhlobo ezinhlanu zabakhululiwe okuyizinhlobo zenkululeko. Kukhona le okuthiwa yi”Sāyujya-mukti”, okuyinhlobo yenkululeko lapho umuntu engenela khona kwi-Brahman- eNkazimulweni ahlale khona, akangeni ngaphakathi kweminye yemihlaba (planets) yaseZulwini, ugcina emkhathini weZulu. Bese kuba khona le okuthiwa yi-”sārūpya-mukti”, lena yinkululeko lapho umuntu ezuza khona isiqu esifana ncamashi nesikaNkulunkulu esingahlukaniseki uma ubuka ukuthi ubani ongubani. Olunye uhlobo lubizwa ngokuthi yi—”sālokya-mukti”, leyo inkululeko yokuhlala emhlabeni owodwa no-Kṛṣṇa. Kulandele i-”sārsti-mukti” yona-ke ungathola ubucwebe obufanayo nobuka Kṛṣṇa. Olunye uhlobo lukunikeza ithuba lokuhlala no-Kṛṣṇa njalo ungumngane Wakhe, njengo-Arjuna ohlala njalo eno-Kṛṣṇa engumngane Wakhe. Umuntu angazuza noma iyiphi yalezi ezinhlanu, kodwa le ekuthiwa yi-“Sāyujya-mukti” yokungenela eNkazimulweni ama-Vaiṣṇava awayamukeli ngoba i-Vaiṣṇava lihlala njalo lifuna ukukhonza uNkulunkulu siqu Sakhe njengoba enjalo, futhi lingadukelwa ubukhonzi balo bokukhonza uNkulunkulu. Kanti labo abangamaphika-siqu okuthiwa ngama “Māyāvādī bafuna ukushabalalisa iziqu zabo bese bengenela eNkazimulweni ka Nkulunkulu. Lokhu kuzishutheka eNkazimulweni akunconyiwe ngu-Kṛṣṇa kwi-Bhagavad-gītā Ngisho nabafundisi abakhulu othungeni lwama Vaiṣṇava abakuncomi. NeNkosi u-Caitanya Mahāprabhu wabhala kakhulu ngaloludaba kwi Śikṣāṣṭaka (4) Yakhe.

na dhanaṁ na janaṁ na sundarīṁ
kavitāṁ vā jagad-īśa kāmaye
mama janmani janmanīśvare
bhavatād bhaktir ahaitukī tvayi

(Cc. Antya 20.29, Śikṣāṣṭaka 4)

Awu Nkosi yamandla! Angikulangazelele ukuqoqa ingcebo, noma ukuzithokozisa ngabesifazane abahle, futhi angifune kuba nabalandeli. Konke engikufunayo ukuthi ngihlale njalo impilo emva kwempilo enkonzweni Yakho yemisebenzi yothando engenasizathu.

Lapha iNkosi u-Caitanya Mahāprabhu usebenzisa amagama athi impilo emva kwempilo. Uma kunempilo emva kwempilo lokho kusho ukuzalwa ephindelela. Ukuzalwa uphindelela khona kusho ukuthi ayikho inkululeko (mukti). Osekhululekile kusho ukuthi usefinyelele eZulwini lapho ezongenela khona kweminye yemihlaba yeZulu noma angenele eNkazimulweni kunoma isiphi isimo ukuzalwa kulomhlaba kusuke sekuyinto angasezukuyibona empilweni yakhe. Kodwa lapha iNkosi u-Caitanya Mahāprabhu ayinandaba noma uyakhululwa noma cha kodwa enendaba nakho kunye nje vo ukuthi ahlale njalo egcinwe ekumazini nasekumuzweni u-Kṛṣṇa ahlale eyisikhonzi seNkosi. Isikhonzi seNkosi asinankinga yokuthi simkhonza uNkulunkulu sikuphi nendawo noma sizalwelwe kuphi, phakathi kwezilwane, phakathi kwezingelosi, phakathi kwabantu, noma phakathi kwani, konke akukhulekelayo kuNkulunkulu ukuthi nangowodwa umzuzu angalinge akhohlwe nguNkulunkulu nokuthi ngaso sonke isikhathi ahlale emkhonza ngemisebenzi yothando nokuzinikela. Lezi-ke yizimpawu zokukhonza okumsulwa. Isikhonzi esimsulwa vele sihlala sisembusweni weZulu njalo noma ngabe sikuphi nezwe ngisho sisahlezi kulomzimba wezwe. Kodwa isikhonzi asimjubi uNkulunkulu ukuthi asihlelele indawo nesimo esifudumele ukuze isikhonzi sithokomale, cha isikhonzi esimsulwa asikwenzi lokho.

Yize-ke u-Kṛṣṇa ekukhomba la ukuthi angaficwa kalula yilowo ozinikele Kuye, kodwa labo abanye abasebenzisa ezinye izindlela zeyoga kubona kuhlala njalo kunengcuphe. Kubona u-Kṛṣṇa kwi-Bhagavad-gītā ubakhombisa izikhathi ezifanele zokuhlukana nomzimba (Gītā 8.23)

yatra kāle tv anāvṛttim
āvṛttiṁ caiva yoginaḥ
prayātā yānti taṁ kālaṁ
vakṣyāmi bharatarṣabha

“Awu wena obadlula bonke esizukulwaneni sika-Bhārata, sengizokuchazela ngezikhathi ezihlukene okuthi uma uhlukana nalomhlaba, kungenzeka ukuthi ubuye noma ungabuyi kulomhlaba.” (Gītā 8.24)

U-Kṛṣṇa lapha uqwashisa ngokuthi umuntu uma enganokukwazi ukushiya umzimba wakhe ngesikhathi esithize, angazuza inkululeko angabe esabuyela ukuzozalwa lapha kulomhlaba. Ngakolunye uhlangothi uqwashisa ngokuthi uma ufa ngesinye isikhathi kuzomele ubuye. Kuhlala njalo kunalengozi yokungaqondanisi isikhathi, kodwa isikhonzi sika-Kṛṣṇa (omitted) esihlala simazi futhi simuzwa u-Kṛṣṇa sona asilengeli kulengozi yesikhathi ngoba siqinisekisiwe ukungena ekhaya lika-Kṛṣṇa ngokuzinikela eNkosini kukodwa nje.

agnir jyotir ahaḥ śuklaḥ
ṣaṇ-māsā uttarāyaṇam
tatra prayātā gacchanti
brahma brahma-vido janāḥ

“Kulabo abasaziyo isimo seNkazimulo baphuma kulomhlaba ngesikhathi sokubusa kwenkosi yomlilo, ekukhanyeni, futhi baqondanise nesikhathi esibusisekile, isikhathi samasonto amabili enyanga futhi ngesikhathi sezinyanga eziyisithupha lapho ilanga lihambela kwinkabazwe yaseNyakatho.” (Gītā 8.24)

Ilanga lichitha izinyanga eziyisithupha ngaseNyakatho nenkabazwe (equator)liphinde lichithe ezinye eziyisithupha ngaseNingizimu nenkabazwe. Sithola ulwazi kwi-Śrīmad-Bhāgavatam lokuthi imihlaba le iyahamba ngokunjalo nelanga futhi liyahamba. Uma umuntu efa ilanga lisahamba ngase Nyakatho uyaye akhululwe kulomhlaba.

dhūmo rātris tathā kṛṣṇaḥ
ṣaṇ-māsā dakṣiṇāyanam
tatra cāndramasaṁ jyotir
yogī prāpya nivartate

śukla-kṛṣṇe gatī hy ete
jagataḥ śāśvate mate
ekayā yāty anāvṛttim
anyayāvartate punaḥ

“Ama-yogī (mystics) adlula kulomhlaba ngesikhathi sentuthu, ebusuku, emasontweni amabili lapho ingekho inyanga, noma ezinyangeni eziyisithupha ngesikhathi ilanga lihambela ngasenkabazweni yaseNingi-zimu, noma labo asebefinyelele emhlabeni oyinyanga, baphinde babuye kulomhlaba. Ngokusho kwama-Vedas zimbili kuphela izindlela zokuphuma kulomhlaba, eyodwa ihamba ekukhanyeni enye ihamba ebumnyameni. Uma umuntu ephuma ngokukhanya, akabe esabuya, kodwa uma ephuma ngobumnyama uzobuya.” (Gītā 8.25-26)

Konke lokhu kwenzeka ngenhlanhla. Asazi ukuthi siyofa nini kungenzeka ingozi, sife noma nini. Kodwa lowo oyi-bhakti-yogī ophelele kulendlela yokwazi nokuzwa u-Kṛṣṇa, akathembeli enhlanhleni, yena unesiqiniseko.

naite sṛtī pārtha jānan
yogī muhyati kaścana
tasmāt sarveṣu kāleṣu
yoga-yukto bhavārjuna

“Izikhonzi ezazi lezindlela zombili, Awu Arjuna azikhungatheki. Ngakho zinza enkonzweni yemisebenzi yothando.” (Gītā 8.27)

Sekuvele sekucacisiwe ukuthi lowo ocabanga u-Kṛṣṇa ngomzuzu wokufa, udluliselwa ekhaya lapho kuhlala khona u-Kṛṣṇa.

anta-kāle ca mām eva
smaran muktvā kalevaram
yaḥ prayāti sa mad-bhāvaṁ
yāti nāsty atra saṁśayaḥ

abhyāsa-yoga-yuktena
cetasā nānya-gāminā
paramaṁ puruṣaṁ divyaṁ
yāti pārthānucintayan

“Noma ngubani okhumbula Mina ngesikhathi ehlukana nomzimba wakhe, ekuphelelni kwempilo, khona lapho uzuza indawo kweYami imvelo, lokhu akungabazeki.” (Gītā 8.5 ).

“Lowo ozindla Ngami njengenhloko ePhakeme yeZulu, engikhumbula njalo emicabangweni yakhe, engachezuki kuleyo ndlela, Yebo Arjuna, nakanjani uyofinyelela Kimi.” (Gītā 8.8)

Ukuzindla kanjena ngo-Kṛṣṇa kungabukeka kuyinto elukhuni kodwa cha akunjalo. Uma uzijwayeza ukuzikhumbuza u-Kṛṣṇa ngokuhlala njalo usho lomthandazo i-mahā-mantra Hare Kṛṣṇa Hare Kṛṣṇa Kṛṣṇa Kṛṣṇa Hare Hare /Hare Rama Hare Rama Rama Rama Hare Hare. Uzothola usizo ngokushesha. U-Kṛṣṇa kanye negama Lakhe abahlukene, futhi u-Kṛṣṇa nekhaya Lakhe abahlukene. Kulomsindo noma ngalomsindo siyakwazi ukumsondeza sibendawonye Naye. Uma nje mhlasimbe sihamba emgwaqeni sihuba wona lomkhuleko, sizobona ukuthi u-Kṛṣṇa ukhona kanye nathi lapho. Ngokufanayo njengoba usuke uhamba ebusuku ubuka phezulu, uyaye ubone ukuthi inyanga isuke ihambisana kanye nawe. Uma ngabe lamandla amancane kangaka ka-Kṛṣṇa ekwazi ukuhambisana nathi, pho akulona yini iqiniso ukuthi Naye usuke ehamba kanye nathi uma sihuba ngamagama Akhe? Yena uzoba nathi kodwa thina kumele sibe sesimweni esifanele ukuba Naye. Uma ngabe-ke sihlale sicwile emicabangweni Ngaye siqinisekisiwe ukuthi Yena uhlala enathi. INkosi u-Caitanya Mahāprabhu ikhuleka ithi:

nāmnām akāri bahudhā nija-sarva-śaktis
tatrārpitā niyamitaḥ smaraṇe na kālaḥ
etādṛśī tava kṛpā bhagavan mamāpi
durdaivam īdṛśam ihājani nānurāgaḥ

“Awu Nkosi yami! Igama lakho elingcwele kuphela elingakwazi ukubusisa zonke izidalwa eziphilayo, ingakho unezigidi ngezigidi zamagama, anjengo-Kṛṣṇa, no-Govinda. Ngaphakathi kuwo lamagama akho angcwele ufake wonke amandla Akho eZulu, kanti futhi akunamithetho namigomo yokuhuba lamagama angcwele. Awu Nkosi yami! Ngomusa Wakho usuwenze kwalula ukuthi ukuzisondeza Kuwe ngalamagama angcwele, kodwa mina ngineshwa, angithathekile yilamagama.” (Śikṣāṣṭaka 2)

Ngokuhuba lomkhuleko nje uwodwa singazuza konke okuzuzwa uma uno-Kṛṣṇa siqu Sakhe. INkosi u-Caitanya Mahāprabhu akagcini ngokuthathwa njengo khululiwe kuphela kodwa uthathwa njengo- Kṛṣṇa uqobo lwakhe owehlele esimweni sika-Mahāprabhu, ukuphawulile ukuthi kulesikhathi samanje isikhathi sika Kali, yize abantu bengenandlela yokufinyelela ekukhanyisekeleni ngesiqu sabo soqobo, kodwa u-Kṛṣṇa unomusa ngendlela eyisimangaliso ngokuthi usinikeze lomsindo sabda njenge siqu Sakhe ukuthi kube yindlela yakulesikhathi samanje yuga-dhārma, esizofinyelela ngayo ekukhanyiselekeni. Kulendlela awudingi ukuthi ube nemfundo yanoma iluphi uhlobo ukuthi ufanele ukuyihamba, awudingi ngisho ukwazi lolu limi lwe-Sanskrit okubhalwe ngalo. Lomsindo we-mahā-matra ye-Hare Kṛṣṇa inamandla ngokumangalisayo ngokuthi ingashiwo inanoma ngubani ngisho engalwazi ulimi lwe-Sanskrit.

vedeṣu yajñeṣu tapaḥsu caiva
dāneṣu yat puṇya-phalaṁ pradiṣṭam
atyeti tat sarvam idaṁ viditvā
yogī paraṁ sthānam upaiti cādyam

“Umuntu owamukele indlela yokukhonza ngemisenzi yothando akalahlekelwa izithelo eziyinzuzo yokucwaninga ama-Vedas, yokuphila impilo engahlotshisiwe, yokupha abahluphekile nangokulandela indlela yokufunda ngokomqondo, indlela yenzuzo. Ekugcineni ufinyelela ekhaya lamakhaya” (emphelandaba). (Gītā 8.28)

Lapha u-Kṛṣṇa uthi inhloso yayo yonke imiyalelo yama-Veda ukuzuza iqophelo eliphezulu lokuphila okungu-kufinyelela ekhaya eZulwini, kulowo oyinhloko yeZulu. Yonke imibhalo engcwele kuwo wonke amazwe acijela kuyo lenhloso. Lona futhi wumyalezo olethwa yibo bonke abavuseleli bokholo noma abafundisi abakhulu (ācāryas). Isibonelo nje emazweni aseNtshonalanga iNkosi uJesu yafafaza lomyalezo. Ngokufanayo ne Nkosi u-Buddha no-Mohamed. Akekho oyaleza ngokuthi asenze lomhlaba ikhaya lethu laphakade. Kungaba khona umehluko omncane odalwa isimo sezwe, isikhathi kanye nesimo sokuhlala, futhi nangokokuncoma kwemibhalo. Kodwa okubaluleke ukudlula konke ukuthi asibona abakulomhlaba singabaseZulwini, kuyinto eyamukelwa yibo bonke abafika nomyalezo waseZulwini, abaqotho. Zonke izimpawu zokweneliseka ngokugcwele komphefumulo womuntu zisikhomba kuleyondawo enganeno kokuzalwa nangale kwethuna.

« Previous